Izindlela zokunikela

From Donate
Revision as of 17:28, 19 December 2022 by TGorski2 (WMF) (talk | contribs) (Added language based on yearly refresh of Donor Support Pages)
(diff) ← Older revision | Latest revision (diff) | Newer revision → (diff)
Jump to navigation Jump to search

Izindlela zokunikela

Siyabonga ngesifiso sakho sokunikela ku-Wikimedia Foundation, inhlangano engenzi nzuzo ephethe i-Wikipedia namanye amaphrojekthi olwazi lwamahhala.

Ukunikela nge-inthanethi

Unganikela kalula nangokuphepha ku-intanethi ngezindlela ezifana nekhadi le-credit/le-debit, i-PayPal, i-Apple Pay, i-Google Pay, i-Amazon Pay, i-online bank transfer nezinye, kuye ngezwe lakini. Sicela ukhethe izwekazi lakini ulandelise ngezwe lakini ukuze ubone izindlela zokukhokha ezikhona.


Ukupha nyanga zonke

Sicela uchofoze lapha ukuze unikele ngokuzenzekelayo nyanga zonke nge-credit/debit card noma nge-PayPal.

Iminikelo yanyanga zonke izodonswa kuze kube yilapho ucela ukuthi siyikhansele.

Uma unikela ngekhadi le-credit/debit, kwezinye izimo abasingathi bekhadi le-credit bayasazisa lapho imininingwane yekhadi (kuhlanganise nosuku lokuphelelwa yisikhathi) ibuyekezwa, ukuqinisekisa ukuthi umnikelo awuphazanyiswa. Uma unemibuzo ngalokhu, sicela uthinte umhlinzeki wakho wekhadi le-credit ukuze uthole ulwazi olwengeziwe.

I-Bank transfer

Samukela izinhlobo eziningi zemali, futhi i-Citibank izoyiguqula imali yakho ibe yi-USD noma i-EUR.

Ngokuqondene nokuthumela imali ngama-USD isuka kwamanye amazwe, i-akhawunti yethu yediphozithi kuphela yile:

Ibhange: Citibank
Ikheli: 590 Market Street, San Francisco, California, 94104 USA
ABA/ACH#: 321171184
Swift Code: CITIUS33
A/C#: 203129580
Ucingo: 415-982-2960
Ukuze unikele ngama-£ GBP
Inombolo Ye-akhawunti: 18797250
Igama Le-akhawunti: WIKIMEDIA FOUNDATION INC
Uhlobo lwemali: GBP
IBAN: GB33CITI18500818797250
Swift Code: CITIGB2L
Sort Code: 185008
Ukuze unikele ngama-€ EUR
Inombolo Ye-akhawunti: 18796270
Igama Le-akhawunti: WIKIMEDIA FOUNDATION INC
Uhlobo lwemali: EUR
IBAN: GB12CITI18500818796270
Swift Code: CITIGB2L
Sort Code: 185008
I-akhawunti yama-€ EUR ihambisana nemithetho ye-SEPA.

Sicela uphawule ukuthi asikwazi ukukuqinisekisa ngokuzenzakalelayo ukuthi siwutholile iminikelo eyenziwe nge-bank transfer, ngakho-ke sicela usigcine isiqinisekiso sokuthunyelwa kwemali esivela ebhange lakho. Uma ungathanda ukuthola irisidi yentela, seluleka ukuthi ucele ibhange lakho ukuthi liyidlulise nge-Bill Pay (USA), noma unikele ngendlela ehlukile.

I-Foundation ayikhokhisi lutho ngokudlulisa iminikelo, kodwa ibhange lakho lona lingase likhokhise. Sincoma kakhulu ukuthi uhlole nebhange lakho ngaphambi kokuthi udlulise imali ukuze uqiniseke ukuthi uyaziqonda izinkokhiso ongase uzikhokhe ngokwenza umnikelo e-Wikimedia. Ukuze uthole ulwazi olwengeziwe noma uma unombuzo mayelana nama-Bank Transfer, sicela uthumele i-imeyili e-donate@wikimedia.org.

Amasheke kanye nama-money order (nge-imeyili)

Iminikelo eyenziwa ngesheke nange-money order isingathwa kuyi-lockbox yethu, esekhelini elingezansi. Amasheke sicela uwabhale ukuthi akhokhelwa i-"Wikimedia Foundation, Inc." bese ufaka nencwadi enegama lakho, ikheli, inombolo yocingo,, ikheli le-imeyili kanye nesamba osinikelayo. Sicela ungawuthumeli ukheshe ngeposi. Phawula ukuthi okwamanje asikwazi ukwamukela amasheke avela e-France, e-Italy, noma e-Spain.

Amasheke akho noma ama-money order sicela uwathumele kuleli kheli:

Wikimedia Foundation, Inc.
P.O. Box 98204
Washington, DC 20090-8204
USA

Ngokuqondene namasheke amakhulu, ka-$10 000 nangaphezulu, sicela uthumele i-imeyili lapha benefactors@wikimedia.org usazise ngomnikelo wakho ozowuthumela.

Ama-Donor Advised Funds (Izimali Ezibekelwe Ukunikela)

Ama-Donor Advised Funds (DAFs) akwenza ukwazi ukuthola izinzuzo ezingcono kakhulu ngokuqondene nentela uphinde futhi ukwazi ukuxhasa izinhlangano ozithandayo. Uma ungathanda ukutusa ukuthi kuxhaswe i-Wikimedia Foundation ngemali evela ngqo kuyi-DAF yakho, sicela ubheke amalinki angezansi:

DAF grant to the Wikimedia Foundation

Sicela usithinte ekhelini elithi benefactors@wikimedia.org uma unemibuzo noma i-DAF oyikhethayo ingabhaliwe lapha.

Ukunikela ngesitokwe

Donating stock is one of the most tax-efficient ways to give and allows you to impact our mission while saving money on your taxes. Through our partner Overflow, it’s now easier and more secure to make a stock donation than ever. For more information or to donate stock please follow the link below

Stock donation to the Wikimedia Foundation

When we get notice that the stock has been received, we will generate an acknowledgment letter that includes the number of shares, stock name, and the date the stock was received. If you have any questions or need any support please contact us at benefactors@wikimedia.org

Isipho esingenakubuyiswa

I-Wikimedia Endowment ukuzibophezela kwethu okuhlala njalo ezweni lolwazi olwabiwa ngokukhululekile, manje kuze kube naphakade. Njengesikhwama esakhelwe ukukhula kwesikhathi eside, yakha isisekelo esiqinile sezimali se-Wikipedia namanye amaphrojekthi e-Wikimedia futhi isiza ukuqinisekisa ikusasa lawo. Ukuze uthole ulwazi olwengeziwe, vakashela le ngosi Wikimedia Endowment noma usithumele i–imeyili kuleli kheli endowment@wikimedia.org.

Ukunikela nge-inthanethi

Isipho sakho ku-Wikimedia Endowment siyozizuzisa isikhathi eside izizukulwaneni ezizayo. Ungapha namuhla ngefomu lethu lokunikela nge-intanethi. Ukuze uthole ulwazi ngezinye izindlela zokunikela e-Endowment, vakashela le ngosi wikimediaendowment.org.


Isipho sefa

Ungalisekela ikusasa lezizukulwane ezizayo lolwazi lwamahhala ngokwenza isipho encwadini yakho yefa noma kwezinye izinhlelo zefa. Isipho sefa asibizi lutho kuwe manje futhi singashintshwa noma nini, nganoma yisiphi isizathu. Uma sesingokoqobo, isipho sakho sizokwengezwa ku-Wikimedia Endowment, lapho ifa lakho liyoqhubeka khona ngokwesekela amaphrojekthi e-Wikimedia kuze kube phakade.

Ukuze uthole ulwazi olwengeziwe ngezipho zefa, vakashela le ngosi wikimediaendowment.org noma ubhalele kuleli kheli legacy@wikimedia.org.

Izipho eziwumfaniswano

IZipho Eziwumfaniswano ziyindlela enhle kakhulu, elula yokuphinda kabili noma ngisho nakathathu umnikelo wakho e-Wikimedia Foundation.

Chofoza lapha ukuze ubone ukuthi umqashi wakho uzonikela yini ngesipho esifana nesakho e-Wikimedia Foundation. Imininingwane ngeZipho Eziwumfaniswano ihlinzekwe yi-HEPdata.

Uma unemibuzo mayelana nesipho somqashi wakho esiwumfaniswano, sicela uthumele i-imeyili kuleli kheli matching@wikimedia.org.

Ukuze uqoke noma ubhalise inhlangano ukuthi ithole isipho esiwumfaniswano, sicela unikeze imininingwane elandelayo yokuxhumana:


Ukufanisa Namahora Okuvolontiya (Volunteer Hour Match)

Izinkampani eziningi zikhipha imali elingana nesikhathi isisebenzi esisichitha senza umsebenzi wokuzithandela (lokhu kuhlanganisa nemisebenzi efana nokuhlela i-Wikipedia noma izingosi ezingodadewabo, ukugada amakhasi e-Wiki ukuthi angacekelwa phansi, nokufaka isandla kuyi-software ye-MediaWiki) ibe yisipho enhlanganweni engenzi inzuzo. Thola ulwazi olwengeziwe ngohlelo lwe-Volunteer Hour Match.

Uma unemibuzo mayelana nohlelo lwe-Volunteer Hour Match, sicela uthumele i-imeyili lapha matching@wikimedia.org.

Ukudonsa emholweni

Abanye abaqashi e-United States naseCanada banikeza indlela elula yokunikela e-Wikimedia Foundation ngokudonsa emholweni. Sicela uhlole nenhlangano oyisebenzelayo ukuthi kukhona yini lokhu bese uthumela amaphepha adingekayo kuleli kheli:

Wikimedia Foundation, Inc.
P.O. Box 98204
Washington, DC 20090-8204
USA

Umkhankaso Wombuso Ongukhukhulelangoqo (Combined Federal Campaign)

Abasebenzi abaningi bombuso nabakahulumeni bakhetha ukunikela e-Wikimedia Foundation nge-Combined Federal Campaign (CFC), uhlelo lokunikela lwasemisebenzini. Uma ungathanda ukunikela e-Wikimedia Foundation njengengxenye ye-Educate America! CFC, sicela ukhulume nomnyango wenu wezabasebenzi ukuze uthole imiyalelo yokunikela.

Inombolo yethu ye-CFC ithi 61478.

Uma unemibuzo sicela ubhalele lapha donate@wikimedia.org.