Khansela noma ushintshe isipho esiphindaphindayo

From Donate
Jump to navigation Jump to search

Khansela noma ushintshe isipho esiphindaphindayo

Siyawazisa umnikelo wakho e-Wikimedia Foundation nokusekela ulwazi lwamahhala. Siyazi ukuthi ngezinye izikhathi izimo zingashintsha futhi akunakwenzeka ukuqhubeka nomnikelo ophindaphindayo. Ukuze ukhansele noma ushintshe ukuthumela kwakho njalo sicela ulandele imiyalelo engezansi. Sicela ungazifaki izinombolo zekhadi lakho le-credit noma eminye imininingwane yezimali lapho usithinta.

Ukuze ukhansele noma ushintshe umnikelo wakho owenza njalo sicela uthumele i-imeyili lapha donate@wikimedia.org futhi ufake lokhu okulandelayo:

  • Uhlobo loshintsho ongathanda ukulwenza emnikelweni wakho;
  • Ikheli le-imeyili elasetshenziswa ngesikhathi kwenziwa umnikelo;
  • Igama eliphelele elasetshenziswa; kanye
  • Nenani lomnikelo nohlobo lwemali.

Uzothola isiqinisekiso se-imeyili uma ushintsho selwenziwe ngokuphelele. Sicela ungazifaki izinombolo zekhadi lakho le-credit noma eminye imininingwane yezimali lapho usithinta.

Sicela uphawule: Uma unikela ngekhadi le-credit/debit, kwezinye izimo abasingathi bekhadi le-credit bayasazisa lapho imininingwane yekhadi (kuhlanganise nosuku lokuphelelwa yisikhathi) ibuyekezwa, ukuqinisekisa ukuthi umnikelo awuphazanyiswa. Uma unemibuzo ngalokhu, sicela uthinte umhlinzeki wakho wekhadi le-credit ukuze uthole ulwazi olwengeziwe.