Siyabonga ngesifiso sakho sokunikela ku-Wikimedia Foundation, inhlangano engenzi nzuzo ephethe i-Wikipedia namanye amaphrojekthi olwazi lwamahhala.
Ukunikela nge-inthanethi
Unganikela kalula nangokuphepha ku-intanethi ngezindlela ezifana nekhadi le-credit/le-debit, i-PayPal, i-Apple Pay, i-Google Pay, i-Venmo, i-online bank transfer nezinye, kuye ngezwe lakini. Sicela ukhethe izwekazi lakini ulandelise ngezwe lakini ukuze ubone izindlela zokukhokha ezikhona.
- i-Azerbaijan
- i-Bahrain
- i-Bangladesh
- i-Bhutan
- i-Brunei
- i-Cambodia
- i-China
- i-Hong Kong SAR China
- i-India
- i-Japan
- i-Jordan
- i-Kazakhstan
- i-Kuwait
- i-Macau SAR China
- i-Malaysia
- i-Maldives
- i-Mongolia
- i-Nepal
- i-Oman
- i-Pakistan
- i-Philippines
- i-Qatar
- i-Singapore
- i-Sri Lanka
- i-Taiwan
- i-Tajikistan
- i-Thailand
- i-Timor-Leste
- i-Vietnam
- kwa-Israel
- i-Albania
- i-Andorra
- i-Austria
- i-Belgium
- i-Bosnia ne-Herzegovina
- i-Bulgaria
- i-Croatia
- i-Cyprus
- i-Czechia
- i-Denmark
- i-Estonia
- i-France
- i-Georgia
- i-Germany
- i-Greece
- i-Hungary
- i-Iceland
- i-Ireland
- i-Italy
- i-Latvia
- i-Liechtenstein
- i-Lithuania
- i-Luxembourg
- i-Malta
- i-Monaco
- i-Montenegro
- i-Netherlands
- i-Norway
- i-Poland
- i-Portugal
- i-Romania
- i-Serbia
- i-Slovakia
- i-Slovenia
- i-Spain
- i-Sweden
- i-Switzerland
- i-United Kingdom
- i-Vatican City
- i-Aruba
- i-Bahamas
- i-Barbados
- i-Belize
- i-Bermuda
- i-Canada
- i-Costa Rica
- i-Dominica
- i-Grenada
- i-Guadeloupe
- i-Haiti
- i-Honduras
- i-Jamaica
- i-Martinique
- i-Mexico
- i-Nicaragua
- i-Panama
- i-Puerto Rico
- i-Saint Kitts ne-Nevis
- i-Saint Lucia
- i-Saint Pierre kanye ne-Miquelon
- i-Saint Vincent ne-Grenadines
- i-Trinidad ne-Tobago
- i-Turks ne-Caicos Islands
- i-United States
Ukupha nyanga zonke
Thola ukuthi umnikelo wakho wanyanga zonke uyisekela kanjani i-Wikipedia noma wenze umnikelo wanyanga zonke ozenzakalelayo.
Iminikelo yanyanga zonke izodonswa kuze kube yilapho ucela ukuthi siyikhansele.
I-Bank transfer
Samukela izinhlobo eziningi zemali, futhi i-Citibank izoyiguqula imali yakho ibe yi-USD noma i-EUR.
Ngokuqondene nokuthumela imali ngama-USD isuka kwamanye amazwe, i-akhawunti yethu yediphozithi kuphela yile:
- Ibhange: Citibank
- Ikheli: 99 Post St, San Francisco, CA 94104 USA
- ABA/ACH#: 321171184
- Swift Code: CITIUS33
- A/C#: 203129580
- Ucingo: (415) 817-9113
- Ukuze unikele ngama-£ GBP
- Inombolo Ye-akhawunti: 18797250
- Igama Le-akhawunti: WIKIMEDIA FOUNDATION INC
- Uhlobo lwemali: GBP
- IBAN: GB33CITI18500818797250
- Swift Code: CITIGB2L
- Sort Code: 185008
- Ukuze unikele ngama-€ EUR
- Inombolo Ye-akhawunti: 18796270
- Igama Le-akhawunti: WIKIMEDIA FOUNDATION INC
- Uhlobo lwemali: EUR
- IBAN: GB12CITI18500818796270
- Swift Code: CITIGB2L
- Sort Code: 185008
- I-akhawunti yama-€ EUR ihambisana nemithetho ye-SEPA.
Sicela uphawule ukuthi asikwazi ukukuqinisekisa ngokuzenzakalelayo ukuthi siwutholile iminikelo eyenziwe nge-bank transfer, ngakho-ke sicela usigcine isiqinisekiso sokuthunyelwa kwemali esivela ebhange lakho. Uma ungathanda ukuthola irisidi, seluleka ukuthi ucele ibhange lakho ukuthi liyidlulise nge-Bill Pay (USA), noma unikele ngendlela ehlukile.
I-Foundation ayikhokhisi lutho ngokudlulisa iminikelo, kodwa ibhange lakho lona lingase likhokhise. Sincoma kakhulu ukuthi uhlole nebhange lakho ngaphambi kokuthi udlulise imali ukuze uqiniseke ukuthi uyaziqonda izinkokhiso ongase uzikhokhe ngokwenza umnikelo e-Wikimedia. Ukuze uthole ulwazi olwengeziwe noma uma unombuzo mayelana nama-Bank Transfer, sicela uthumele i-imeyili e-donate@wikimedia.org.
Amasheke kanye nama-money order (nge-imeyili)
Iminikelo eyenziwa ngesheke nange-money order isingathwa kuyi-lockbox yethu, esekhelini elingezansi. Amasheke sicela uwabhale ukuthi akhokhelwa i-"Wikimedia Foundation, Inc." bese ufaka nencwadi enegama lakho, ikheli, inombolo yocingo,, ikheli le-imeyili kanye nesamba osinikelayo. Sicela ungawuthumeli ukheshe ngeposi. Phawula ukuthi okwamanje asikwazi ukwamukela amasheke avela e-France, e-Italy, noma e-Spain.
Amasheke akho noma ama-money order sicela uwathumele kuleli kheli:
Wikimedia Foundation, Inc.
P.O. Box 98204
Washington, DC 20090-8204
USA
Ngokuqondene namasheke amakhulu, ka-$10 000 nangaphezulu, sicela uthumele i-imeyili lapha benefactors@wikimedia.org usazise ngomnikelo wakho ozowuthumela.
Ama-Donor Advised Funds (Izimali Ezibekelwe Ukunikela)
Ama-Donor Advised Funds (DAFs) akwenza ukwazi ukuthola izinzuzo ezingcono kakhulu ngokuqondene nentela uphinde futhi ukwazi ukuxhasa izinhlangano ozithandayo. Uma ungathanda ukuncoma isibonelelo ku-Wikimedia Foundation ngokuqondile ku-DAF yakho ungakwenza lokho ngokushesha futhi kalula ngozakwethu we-Overflow, sicela umane uchofoze ilinki engezansi:
Isibonelelo se-DAF ku-Wikimedia Foundation
Sicela usithinte ekhelini elithi benefactors@wikimedia.org uma unemibuzo noma i-DAF oyikhethayo ingabhaliwe lapha.
Ukunikela ngesitokwe
Ukunikela ngamasheya ngenye yezindlela zokunikela ezingakhokhi intela futhi ikuvumela ukuba ube nomthelela emgomweni wethu kuyilapho wonga imali yezintela zakho. Ngozakwethu i-Overflow, manje sekulula futhi kuvikeleke kakhulu ukunikela ngamasheya kunangaphambili. Ukuze uthole ulwazi olwengeziwe noma ukunikela ngamasheya sicela uchofoze ilinki engezansi.
Umnikelo wesitoko ku-Wikimedia Foundation
Uma sithola isaziso sokuthi amasheya angenile, sizokwenza incwadi yokuvuma ehlanganisa inombolo yamasheya, igama lesheya, kanye nosuku amasheya angene ngalo. Uma unemibuzo noma udinga ukusekelwa sicela usithinte ku-benefactors@wikimedia.org.
Isipho esingenakubuyiswa
I-Wikimedia Endowment ukuzibophezela kwethu okuhlala njalo ezweni lolwazi olwabiwa ngokukhululekile, manje kuze kube naphakade. Njengesikhwama esakhelwe ukukhula kwesikhathi eside, yakha isisekelo esiqinile sezimali se-Wikipedia namanye amaphrojekthi e-Wikimedia futhi isiza ukuqinisekisa ikusasa lawo. Ukuze uthole ulwazi olwengeziwe, vakashela le ngosi Wikimedia Endowment noma usithumele i–imeyili kuleli kheli endowment@wikimedia.org.
Ukunikela nge-inthanethi
Isipho sakho ku-Wikimedia Endowment siyozizuzisa isikhathi eside izizukulwaneni ezizayo. Ungapha namuhla ngefomu lethu lokunikela nge-intanethi. Ukuze uthole ulwazi ngezinye izindlela zokunikela e-Endowment, vakashela le ngosi wikimediaendowment.org.
Isipho sefa
Ungalisekela ikusasa lezizukulwane ezizayo lolwazi lwamahhala ngokwenza isipho encwadini yakho yefa noma kwezinye izinhlelo zefa. Isipho sefa asibizi lutho kuwe manje futhi singashintshwa noma nini, nganoma yisiphi isizathu. Uma sesingokoqobo, isipho sakho sizokwengezwa ku-Wikimedia Endowment, lapho ifa lakho liyoqhubeka khona ngokwesekela amaphrojekthi e-Wikimedia kuze kube phakade.
Ukuze uthole ulwazi olwengeziwe ngezipho zefa, vakashela le ngosi wikimediaendowment.org noma ubhalele kuleli kheli legacy@wikimedia.org.
Izipho eziwumfaniswano
IZipho Eziwumfaniswano ziyindlela enhle kakhulu, elula yokuphinda kabili noma ngisho nakathathu umnikelo wakho e-Wikimedia Foundation.
Chofoza lapha ukuze ubone ukuthi umqashi wakho uzonikela yini ngesipho esifana nesakho e-Wikimedia Foundation. Imininingwane ngeZipho Eziwumfaniswano ihlinzekwe yi-HEPdata.
Uma unemibuzo mayelana nesipho somqashi wakho esiwumfaniswano, sicela uthumele i-imeyili kuleli kheli matching@wikimedia.org.
Ukuze uqoke noma ubhalise inhlangano ukuthi ithole isipho esiwumfaniswano, sicela unikeze imininingwane elandelayo yokuxhumana:
Ukufanisa Namahora Okuvolontiya (Volunteer Hour Match)
Izinkampani eziningi zikhipha imali elingana nesikhathi isisebenzi esisichitha senza umsebenzi wokuzithandela (lokhu kuhlanganisa nemisebenzi efana nokuhlela i-Wikipedia noma izingosi ezingodadewabo, ukugada amakhasi e-Wiki ukuthi angacekelwa phansi, nokufaka isandla kuyi-software ye-MediaWiki) ibe yisipho enhlanganweni engenzi inzuzo. Thola ulwazi olwengeziwe ngohlelo lwe-Volunteer Hour Match.
Uma unemibuzo mayelana nohlelo lwe-Volunteer Hour Match, sicela uthumele i-imeyili lapha matching@wikimedia.org.
Ukudonsa emholweni
Abanye abaqashi e-United States naseCanada banikeza indlela elula yokunikela e-Wikimedia Foundation ngokudonsa emholweni. Sicela uhlole nenhlangano oyisebenzelayo ukuthi kukhona yini lokhu bese uthumela amaphepha adingekayo kuleli kheli:
Wikimedia Foundation, Inc.
P.O. Box 98204
Washington, DC 20090-8204
USA
Umkhankaso Wombuso Ongukhukhulelangoqo (Combined Federal Campaign)
Abasebenzi abaningi bombuso nabakahulumeni bakhetha ukunikela e-Wikimedia Foundation nge-Combined Federal Campaign (CFC), uhlelo lokunikela lwasemisebenzini. Uma ungathanda ukunikela e-Wikimedia Foundation njengengxenye ye-Educate America! CFC, sicela ukhulume nomnyango wenu wezabasebenzi ukuze uthole imiyalelo yokunikela.
Inombolo yethu ye-CFC ithi 61478.
Uma unemibuzo sicela ubhalele lapha donate@wikimedia.org.