Izinkinga ngokunikela

From Donate
Jump to navigation Jump to search

Izinkinga ngokunikela

Uma unenkinga ngomnikelo wakho noma kukhona imibuzo onayo, sicela ubheke i-FAQ yethu. Uma unemibuzo noma udinga usizo ngokulandelela umnikelo, sicela uthinte i-donate@wikimedia.org[1].

Ingabe le ngosi iphephile?

Ingosi ye-Wikimedia Foundation yokunikela iphephe ngokuphelele. Ngemva kokuchofoza isikhangiso noma ukulandela ilinki yokunikela, ikhasi oyiswa kulo lisendaweni elondekile (https); yonke imininingwane ibhalwe ngokuyimfihlo futhi isingathwa ngokwemithetho ephakeme kakhulu yokuvikelwa kwedatha.

Okwamanje i-Wikimedia Foundation ayikayisebenzisi indlela engithanda ukunikela ngayo.

Siyaxolisa ukuthi okwamanje asinayo indlela oyithandayo yokukhokha; sithemba ukuthi emikhankasweni ezayo yokucela iminikelo, sizoba nezindlela ezengeziwe zokunikela ngezimali zakwamanye amazwe. Sicela ubheke nohlu lwethu oluphelele lwezinye izindlela zokunikela.

Kungani wenqatshiwe umnikelo wami we-credit/debit card?

Uma umzamo wakho wokunikela ungaphumelelanga, sicela ubheke lezi zimo ezilandelayo ku-debit/credit card yakho:

  • Ikhadi lakho le-credit/debit kufanele lenziwe likwazi ukusebenza emazweni onke. Amakhadi asebenza ezweni elilodwa kuphela (aziwa nangokuthi ama-Domestic cards) angase angamukelwa okwamanje. Sicela ushayele ibhange lakho ucele bakwenzele ukuthi ikhadi lakho lisebenze emazweni onke.
  • Ithe ukuqiniswa imithetho yokuphepha emazweni ase-EU/UK lapho amanye amabhange edinga khona ukuthi kube ne-pin ehlobene nekhadi lakho le-credit (3D Secure). Lokhu kungaba yisizathu sokwenqatshwa uma i-pin ingekho noma ingahambisani nekhadi okuyinto ongafisa ukuyixoxa nebhange lakho elakunika ikhadi.
  • Akuwona wonke ama-Virtual Cards angase amukelwe okwamanje. Ama-Virtual Cards avame ukusetshenziswa lapho kuthengwa nge-inthanethi ukuze kuvikelwe imininingwane ebucayi esekhadini loqobo. Kodwa-ke, qiniseka ukuthi ukusingatha kwethu iminikelo esekelwa ngamaprosesa ochwepheshe, ahambisana ngokugcwele nemithetho futhi imininingwane yakho iphephile kakhulu. Ngakho-ke uma ikhadi lakho elingelona loqobo lenqatshwa, sicela uzame ukusebenzisa ikhadi elivamile le-credit/debit esikhundleni salo.
  • Uma usebenzisa ikhadi lakho le-debit, sicela uphawule ukuthi ikhodi yokuphepha (CVV) ayiphoqelelwe. Uma ikhadi lakho le-debit lingenayo i-CVV vele useqe leso sikhala.
  • Kungenzeka ukuthi ibhange lakho likubeke uphawu lokhu kusebenzisa kwakho ikhadi. Lokhu kungenzeka ikakhulukazi uma lokhu kungokokuqala unikela ku-Wikimedia. Sicela ushayele ibhange lakho ucele ukuthi bakuvumele ukusebenzisa kwakho ikhadi ku-Wikimedia esikhathini esizayo ukuze iminikelo yakho elandelayo izosingathwa. Uma ibhange lakho noma inkampani yekhadi lakho le-credit ingakwazi ukuhlonza imbangela yenkinga yakho, sicela usithinte ekhelini elithi donate@wikimedia.org.[1] Ukuze uphephe, sicela ungazifaki izinombolo zekhadi le-credit ku-imeyili yakho.

Kungani wenqatshiwe umnikelo wami engiwenze nge-PayPal?

Uma umnikelo owenze nge-PayPal wenqatshiwe, noma umnikelo wakho ophindaphindayo ukhanseliwe, sicela uthintane nomnyango wamakhasimende we-PayPal uthole ulwazi olwengeziwe. Ungashayela ne-PayPal ngokuqondile kule nombolo: 888-221-1161 noma 402-935-2050 uma ufona ungaphandle kwase-US. Nazi ezinye zezizathu ezivamile zokwehluleka kweminikelo:

  • Ngezinye izikhathi i-PayPal, ngezizathu ezihlukahlukene, idinga kube khona enye indlela yokukhokha, njengokufinyelela umkhawulo othile wokusebenzisa imali nyanga zonke noma ukudlulisela imali. Ungakuxazulula lokhu ngokwenezela enye indlela yokukhokha ku-akhawunti yakho.
  • Ngezinye izikhathi i-PayPal ingase iveze umyalezo wephutha othi asiyisingathi iminikelo evela kuleli zwe. Nokho, kungenzeka ukuthi uthola lo myalezo ngoba i-PayPal idinga imininingwane eyengeziwe yokukuthola ukuthi ungubani. Sicela uthinte mnyango wabo wosizo lwamakhasimende ubuze. Lokhu kuvamile ikakhulukazi ezingxenyeni ezithile ze-Asia ne-Pacific Islands.
  • Sicela uphawule ukuthi ngenxa yemithetho yangaphakathi kwezwe, asisakwazi ukusingatha iminikelo evela e-Singapore eyenziwe nge-PayPal.

Ngithole umyalezo wephutha, kodwa ngiyayibona inkokhiso esitatimendeni sami.

  • Uma uthole umyalezo wephutha othi itranzekshini yakho ayamukelwanga, kungenzeka ukuthi umnikelo awuzange usingathwe noma wamukelwe yi-Wikimedia Foundation. Sicela usithinte e-donate@wikimedia.org[1] uthole imininingwane eyengeziwe ngomnikelo wakho. Sicela ungazifaki izinombolo zekhadi le-credit ku-imeyili yakho.
  • Ikhadi lakho lingase liveze inkokhiso, ebanjwe yibhange lakho, ngoba lena yindlela evamile yokwenza uma kuthengwa nge-inthanethi. Uma umnikelo wakho ungaphumelelanga, ibhange lakho lizoyidedela leyo mali cishe ezinsukwini zokusebenza ezingu-3-5, kuye ngemithetho yabo. Uma ufuna ukuphinde uzame ukunikela, sicela uye ekhasini elithi izindlela zokunikela ubone zonke izindlela onganikela ngazo.

Kungani ifomu lenu lokunikela lingayamukeli imininingwane yami?

Sicela uqinisekise ukuthi i-browser yakho ayisalele emuva, ukuthi i-JavaScript ivulelwe, nokuthi awuzivimbeli izingosi ezithile. Sicela futhi uqinisekise ukuthi imininingwane uyifake ngendlela efanele kuzo zonke izindima, njengokupelwa kwekheli lakho le-imeyili noma inani lezinombolo enombolweni yakho yekhadi le-credit. Phawula ukuthi izikhala ezengeziwe kulezi zindima zingabangela umyalezo wephutha.

Kungani ngithola isitifiketi sesixwayiso/sephutha ngesikhathi ngizama ukunikela?

Uma ubona isitifiketi sesixwayiso/sephutha ngenkathi uzama ukunikela, kungenzeka ukuthi kungenxa yohlelo lwe-browser yakho oseluphelelwe yisikhathi. Sicela ulungise eyakho ibe eyohlelo olusha noma usebenzise i-browser ehlukile.

Kungani ngingayiboni imali yezwe lakithi noma izwe lakithi efomini lokunikela?

Isikhangiso somnikelo osichofozile sihlelwe ngendlela yokuthi sithole indawo okuyo ngokusekelwe ekhelini le-IP elinikezwe umhlinzeki wakho wesevisi ye-inthanethi. Inani elincane labanikeli liba nenkinga nge-geolocation etholakala nge-IP ngakho lidinga isikhangiso esiqondene nezwe lakubo - lokhu kuvame ukuba yinkinga uma usohambweni. Uma kuyilena inkinga, sicela uthumele i-imeyili eqenjini elicela iminikelo ekhelini elithi donate@wikimedia.org[1]. Sicela uqiniseke ukuthi uyalifaka igama lezwe lakini kanye/noma imali yezwe lakini khona sizokuthumela i-URL okuyiyona yona yokunikela.

Ngingawulungisa/ngingawukhansela kanjani umnikelo wami ophindaphindayo?

Ukuze uthole imiyalelo yokukhansela noma ukulungisa ukukhokha okuphindaphindayo, sicela ubheke lokhu: Khansela noma ushintshe isipho esiphindaphindayo.

Kungani inani elivela esitatimendeni sami sasebhange lilikhulu kunenani engilinikelile?

I-Wikimedia Foundation nezinkampani esizibenzisayo ukusingatha amakhadi e-credit ayikhokhisi lutho ngokuthunyelwa kwemali yokunikela. Nokho, kwezinye izimo, amabhange angase akhokhise ngokuthunyelwa kwemali ngale kwemingcele nezivela kwamanye amazwe. Silwela ukukunciphisa lokhu futhi siyaxolisa uma ukhokhisiwe ngesizathu esinjengalesi. Njengoba imali yalezi zindleko ingezi kithi, asikwazi ukukubuyisela yona, kodwa uma ufisa ukubuyiselwa ngemali evela emnikelweni wakho, sicela ubhalele i-donate@wikimedia.org[1].

Usenenkinga namanje?

Ithimba elicela iminikelo e-Wikimedia Foundation lincane, ngakho-ke sicela uqiniseke ukuthi uyayifunda imibuzo evamile engenhla. Sicela nokuthi uzinike isikhathi sokuyifunda imibuzo ebuzwa njalo, ngoba lokhu kungase kuzixazulule izinkinga onazo. Uma udinga usizo lokuxazulula inkinga ephathelene nomnikelo, sicela uthinte i-donate@wikimedia.org[1]. Sicela usitshele ukuthi iyiphi i-browser nelinki yokunikela oyisebenzisayo, futhi unikeze incazelo noma, uma kungenzeka, isithombe seskrini salelo phutha. Sicela ungazifaki izinombolo zekhadi le-credit ku-imeyili yakho.

  1. 1.0 1.1 1.2 1.3 1.4 1.5 Ngenxa yobuningi bemibuzo esiyitholayo, sisebenzisa i-Zendesk njengenkundla yokuphendula abanikeli. Ngokuthumela i–imeyili kwethi donate@wikimedia.org, uyaqonda ukuthi imininingwane yakho izosingathwa yi-Zendesk Group ngokuvumelana nemibandela ye-Zendesk. Abasebenzisi abasemazweni alandelayo kufanele babheke iNgxenye A ye-Zendesk yenqubomgomo mayelana nengasese ukuze bathole ulwazi olwengeziwe mayelana nenqubo ye-Zendesk ngokuqondene namazwe akubo: i-Australia, i-Brazil, i-Canada, i-Japan, i-New Zealand, ne-Singapore.